UChristopher, osekhasini langaphandle, wazalwa enenkotho yodebe kanye nolwanga. Udebe lwakhe lwalungiswa ngenkathi enezinyanga ezinhlanu zobudala kusukela lapho walulama kahle kakhulu. Ulwanga lwakhe luzolungiswa esikhathini esithi asibe wunyaka.
Amasana azalwa anenkothe yolwanga avame ukuba nezinkinga lapho enceliswa ngoba umlomo usuke ungahlukanisiwe nezimpumulo. Ngalokho-ke usana alukwazi ukumunca emlonyeni, ngalokho luba nenkinga yokumunya ibele noma ibhodlela.
Ukungenelela kanye nohlobo lwenkotho, okuyinto eyehlukayo kumasana, yikona okuyizinkomba zokuthi usana lunganceliswa kanjani. Uma usana lunenkotho yodebe kuphela, kuvame ukuba nomthelela omncane kakhulu lapho inceliswa. Ukuba khona kolwanga oluhlangene okubalulekile ohlelweni lokumunya.
Uhlelo lokuncelisa lufaka phakathi ubisi oluputshuzwe engonweni (kungaba yibhodlela noma ibele), usala olwenza izigaxa zobisi (izigaxa ezincane eziyizindilinga) nomnyakazo walezi zigaxa ukusukela ngaphambili komlomo ukuya ngemuva kwawo, lapho zingathuthelwa khona esiswini. Ngokomdalo ingane kumele ikwazi ukuphefumula ngempumulo ngesikhathi inceliswa ngomlomo.
Ngenkathi ingono ifakwa emlonyeni, izingono ziyayivalela bese ulimi luyaphakama ukuze ludonse ngamandla ingono esuke icindezeleke olwangeni lwangaphezulu oluqinile. Ulimi lubese ludonseleka emuva, lwenza indawo enkulu phakathi kwezindebe bese ulimi/ulwanga luvala lungavuleli umoya ukuba ungene esikhaleni. Ngaleyo ndlela kwakheka isikhala bese ubisi ludonseleka emlonyeni.
Isikhala sivimbela ukuba ingono ingaphumi emlonyeni sibuye sisize usana lulokhu lubambelele engonweni. Imihlathi, ulimi, izihlathi kanye nezinsini kudonsa ubisi ebeleni.
Uhlelo lokuncelisa luyefana akukhathalekile indlela yokuncelisa (ngebele noma ngebhodlela). Nakuba kunjalo, isenzo esibandakanyeka ekudonseni ubisi ebeleni sehlukile kuleso sokudonsa ubisi ebhodleleni. Ingono yebhodlela ayisebenzisi ngamandla umhlathi, imisipha esebusweni, ulimi, izinsini kanye nezihlathi zengane.
Ngokuvamile ukwehla kobisi ebhodleleni kuyashesha kunalokho kwebele, nakhona kunjalo, lokhu kubangwa yizinto eziningi ezithinta umzimba isib. uhlobo lwebhodlela nengono kanye nobukhulu bengono. Ukwehla kobisi ngesikhathi sokuncelisa ngebele kulawulwa yikhono lomlomo lokukhiqiza ubisi, kanti ngakolunye uhlangothi ukukhiza ubisi wumama kuyanda ngesikhathi ukumunca kwengane kuya ngokuphakama..
a Ubisi lwebele luwuketshezi lwasemzimbeni, olungasoze lwaba nokucasula emzimbeni njengokunye ukudla kwezingane. Ulwebu lwempumulo yosana enenkothi luvulekile kanti ubisi lwebele alusoze lwaba yinto ecasula kulo.
b Ukuncelisa ngebele kubukeka kungabangi ingcindezi yezinga elifanayo phakathi nendlebe njengoba kwenza ukuncelisa ngebhodlela okuhle, njengoba amasana anenkothe yodebe asengcupheni enkulu yokwesuleleka phakathi nendlebe. Ukuncelisa ngobukhuphe kudala isimo esikahle phakathi nendlebe, okuyinto enciphisa amathuba okuthola ukwesuleleka phakathi endlebeni.
c Ubisi lwebele lunezivikeli ezilwa namabhakthiriya. Luqukethe I-lactoferrin ne-immunoglobins okusiza ekuvimbeleni ukwesuleleka. Izingane ezinenkotho zibe zinceliswa ngebele zinezigameko ezimbalwa kakhulu ezibikiwe zokwesuleleka.
Akukhathalekile noma usana lunceliswa ngebele noma ngebhodlela, kumele lunikezwe ukudla okunomsoco ngokwanele. Ukumunya kuyasiza njengoba kukhuthaza ukusetshenziswa kwemisipha edingeka ekuphimiseleni amagama ngokujwayelekile (ukuthuthuka komsindo). Ngaphezulu kwalokho, izindlela zokuncelisa ingane encane zibaluleke kakhulu. Usana oluphile kahle luthatha imizuzu engama-20-30 ukunceliswa ngokwenelisayo, okuyinto evumela ukukhula nokudla ngokufanele.
Osaneni olunenkotho yolwanga, uhlelo luvamile lokuncelisa luyaphazamiseka ngenxa yezinga lokumunya elintegayo kanye nobunzima oluhlangabezana nabo lapho izama ukucindezela ingono. Amasana anenkotho yolwanga kuphela awavamanga ukuba nenkinga yokuncela. Nakuba kunjalo, inkotho yodebe iphazamisana nokwakheka kwesivalo esemboza ingono. Lokhu kwenaniswa usana olusebenzisa ingxenye esekugcineni yolimi kanye nengxenye yamalaka (ingxenye ephakeme yezinsini ebambe amazinyo) eyenza isivalo engonweni. Ukungabikho kwaleso sivalo kungaholela ekutheni ubisi luchitheke enkothweni. Ukubamba uhlangothi lwenkotho yengane ngenkathi inceliswa lubheke phezulu kumabele omabele kuyasiza ekutheni ubisi lungachithekeli ngaphandle.
Nakuba kunjalo, usana olunenkotho yolwanga alukwazi ukwakha isivalo ngemuva komlomo ngoba umlomo nempumulo akuhlukanisiwe. Lokhu kuyinkinga ngoba isivalo sangemuva esidingeka lapho kumunywa, asikwazi ukwenzeka. Ukuze kwenzeke isivalo sangemuva, kumele kwakhele ingcindezi engeyinhle emlonyeni ukuze kwakhekhe ukudonseka. Osaneni olunenkotho yolwanga, ukuzama ukwakha kufana nokuzama ukufaka umoya ibhaluni ephelelwe ngumoya. Ngale kwalokho, ngaphandle kokudonsa ingane ayisoze yakwazi ukuthola ubisi ebeleni. Nakuba ihluleka ukwakha ingcindezi engeyiyo, uma ingono ifakwe emlonyeni wosana ukudonsa ngokugwengukela emuva kuzokwenza ingane iphakamise ulimi lwayo ukuze ikwazi ukuligcindezela engonweni ukuze idonse ubisi. Ukungabiko kolwanga lwangaphezulu oluqinile kusho ukuthi ingono izosunduzelwa enkothweni. Lokhu kuholela ezinkingeni ezimbili. Eyokuqala, ingono ayicindezelwa ngokuphelele ishayaniswe nolwanga, uma lukhona, bese kudonseka ulimi, kanti eyesibili uma ingono isenkothweni bese kudonswa ubisi, luzodluliswa ngqo luhamba ngempumulo kunokwedlula emlonyeni bese ubisi luhamba ngomgudu wempumulo. Ukuhamba kobisi ngempumulo kuholela ekutheni kungabi nobisi olwanele olugwinywayo ngaleyo ndlela uhlelo lonke lokuncelisa lungathatha isikhathi eside.
Ukuncela kuyakhathaza enganeni enenkotho yodebe, engathuka igcine isilele ngesikhathi sokuncela bese ingasaluphuzi lonke ubisi lwayo. Uma ingane ingaphuzi ubisi olwanele ngesikhathi sokuncela ayizukuba besisindo esanele kokunye ingehla ngesisindo. Lokhu kubangwa wukuthi uma ingane ithatha isikhathi eside ukuncela, ishisa amakhalori ngenkathi incela kunalawo okumele ngabe iyawathola.
Emva kokuncela kuvamile ukuba ingane ifikelwe ubuthongo. Ngesikhathi sokulala, ukugayeka kokudla enganeni kuvame ukwehla, lokho okuholela ekukhuleni kwesisindo. Ngakho-ke, uma ingane enenkotho yodebe ivuke isikhathi eside ngoba ithatha isikhathi eside ukuba incele, lokhu kungenye yezimbangela ezivimbela ukuba ingane ikhuphuke ngokufanele ngesisindo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ukuncelisa kungathathi ngaphezulu kwesikhathi esijwayelekile (okungaba yimizuzu engama-20 ukuya kwengama-30).
Uma uhlelo lokuncelisa lubonisa luthatha isikhathi, kusho ukuthi nabazali babambeka isikhathi eside. Izikhathi ezinde ezichithwa ekunceliseni, nokungabikho kwempumelelo nakho kuholela ekwandeni kokukhathazeka kubazali.
Uhlobo lwenkotho yodebe luzoba nomthelela empumelelweni yokuncelisa ngebele. Ukuncelisa ingane ngebele ngenkotho eyodwa kungenziwa lula uma ingono ime yabhekiswa ohlangothini lomlomo olungathintekanga. Ingane kumele futhi ibekwe ngendlela yokuthi inkotho yodebe ibheke phezulu. Lokhu kuvimbela ukuba ubisi lungaphumiemlonyeni okunokwenzeka uma inkotho yodebe ibheke phansi.
Ukwehlisa izinga lokubamba nelokumunca, unina wengane angabamba ingono esemlonyeni kuze kuphele ukuncelisa. Kokunye kungasetshenziswa isembozo sengono nesebele.
Omama kumele bagqugquzelwe ukuzama ukuncelisa besebenzisa izinhlangothi ezahlukene ukuze bathola ukuthi iyiphi indlela engcono kubo, isib. ukubamba ingane uyibhekise phezulu engonweni. Lokhu kwehlisa amathuba okuklinyeka bese ubisi lubalekela empumulweni. Uma ubisi lwebele luchithekela empumulweni, ngoba liwuketshezi lwemvelo lomzimba, lokhu akuphazamisi izingcwecwe zamamfinyila.
Ngokuyikho ukuncelisa akumele kuthathe ngaphezulu kwemizuzu engama-30 kanti nenqubo yokuncelisa isungulwe ngokushesha emva kokuba usana selubelethiwe. Ingane inganceliswa njalo emva kwamahora athi awabe mathathu kunaleyo engenankothe yodebe.
I-obthureyitha nayo ingasiza. Lokhu kuyinto e-orthodontic, noma isitsha esisetshenziselwa ukwemboza inkotho yodebe olwangeni olungaphezulu. Lokhu kwenza ukuba ukuncelisa kube yimpumelelo ngezimo eziningi. Omama bangabuye bazame ukwenza ibele isigaxa phakathi kweminwe kanye nesithupha bese becindezela ibele ukuze kusize ekugeleziseni ubisi. Ukubeka ingxenye esekugcineni yomunwe ishayisaniswa nenkothe yodebe ngenhloso yokwakha indawo evaleke kangcono ekumunceni.
a Ingabe ingaba nezinga eliphansi lamakhono okubamba nokumunya, okunye okusondelene nalokhu amakhono amancane okwakha amandla angewona akahle okufaka emlonyeni.
b Ukukhathazeka kungatholwa yibo bobabili umama kanye nengane njengomphumela wesikhathi esithathwa ekunceliseni lapho ingane ithola ubunzima ekumunyeni.
c Izinga lokugeleza kobisi lihamba ngesivinini esiphansi, okuholela ekukhuleni kwengane kancane. Yingakho-ke ukukhula kancane kwesisindo sengane kuba yinto ekhathaza kakhulu.
d Ngesikhathi sokuncelisa ngebele kulukhuni ukusho ukuthi wubisi olungakanani oludonsiwe lwagwinywa. Ukusebenzisa ubisi lwebele olufakwe ebhodleleni elithambile kungaxazulula le nkinga. Qinisekisa ukuthi ingane ichamela anabukeni layo kaningi. Lokhu kufakazela ukuthi ayilahlekelwa ngamanzi amaningi.
e Omama bangagcwalelana ngegazi emabeleni uma ingane ingadonsi ubisi olwanele.
Ukukhama ubisi lwebele kanye nokuncelisa ngebhodlela elithambile kwenza ingane izuze ekuphuzeni ubisi lwebele, kodwa ngaphanle kwezinkinga zenqubo yokuncela ngebele.
Uma ukuncelisa ngebele kuyimpumelelo, kuyathokozisa, nakuba kunjalo, uma kungasebenzi, umama angakhetha ukukhama ubisi lwebele bese encelisa ngenye yalezi zindlela ezinye. Nakuba kunjalo, umama kufanele akhuthazwe ngaso sonke isikhathi ukuzama ukuncelisa ngebele, esikhathini esiningi akuvamile ukuba yimpumelelo.
Bukuncelisa ngebhodlela yikona okungcono kunokusebenzisa isipuni noma ishubhu yenasogastriki, njengoba kunikeza ingane ulwazi lokumunya, okuyinto ebalulekile ekukhuleni kokukhuluma kanye nemihlathi. Njengoba ukuncelisa ngebele kuvame ukuba nzima, ukuncelisa ngebhodlela yiyona ndlela evame ukusetshenziswa. Uma kunokwenzeka, ubisi lwebele kumele lukhanywe bese ingane inceliswa lona lisebhodleleni.
Ingane kumele ibekwe ingathi ibheka phezulu. Lena yindlela ejwayelekile, evumela isisindo ukuba sisize ekugelezeni kobisi luya phansi. Kubuye kusize ukuvimbela ubisi ukuba lugcwale kumashubhu e-Eustechian ukuya maphakathi nezindlebe.
Idami kumele ibe yinto ethambile kunesilikhoni. Idami ingabiliswa kaningi ukuze ithanjiswe. Idami enabile eyisicaba njenge"Nuk" nezinye ezinesimo esifana naleso ziyasiza ezinganeni ezinenkothe yodebe, futhi zingafakazelwa ngama -orthodontists. Enye idami esizayo yingono ye Pigeon, isekiswe ngokusanxantathu. Ibhodlela elicindezelwayo nalo liyasiza, kunalezo eliqinile njengoba unokwazi ukufaka ubisi emlonyeni wengane ngokucindezela ibhodlela.
Idami elinembobo evulavulekile kunaleyo ejwayelekile noma idami elisikwe phakathi ingasiza ekugeleziseni ubisi. Lokhu kudalwa wukuthi ukumunya kunzima, kanti futhi izingane zikhathala ngokushesha. Nakuba kunjalo, imbobo akumele ibe yinkulu kakhulu ngendlela yokuthi ubisi luze luputshukele ngaphandle uma ibhodlela liphedukezelwe, njengoba ingabe izoze ivimbelane. Okungenani ubisi kumele luphume kancane. Ukwenza umgodi ube mkhudlwana, sebenzisa inalithi eshisisiwe. Ukusika imbobo izimbobo ezine, libhekise phansi bese usika okungaba ngamamilimitha ama-5 usebenzisa ireza ehlanzwe yasuswa amagciwane. Emva kwalokho bhekisa idami esimeni esifanele.
Ukumunca kunzima enganeni enenkothe yodebe ngakho-ke ingane ikhathala ngokushesha. Ukwenza ukuncela kusheshe, idami elinembobo enkulu kunaleyo ejwayelekile noma esikwe izimbobo ezine ingasetshenziswa njengoba isiza ekugeleziseni ubisi kalula kakhulu.
Nanoma iyiphi inhlanganisela yedami neyebhodlela eyenziwe ngokuyimpumelelo ingefanele ukuthi isetshenziswe! Ukuthola ukuthola ingabe inhlanganisela ibe yimpumelelo yini, ingane kumele imunce kahle, ikhule ngesisindo futhi kumele uzizwe ukhululekile ngokumunca kwayo. Uma ingane ikwazi ngedami nebhodlela elijwayelekile, ngakho-ke sebenzisa lokho njalo. Nanoma yikuphi ukukhetha okwenziwayo, kumele kube ngokutholakalayo nokungabizi kakhulu. Nakuba kunjalo, amadami amaningi ayisepesheli enzelwe izingane ezinonkothe yodebe. Lawo atholakale enosizo yilawa alandelayo.
Ibhodlela lenziwa ngepulastiki elithambile nelicindezelekayo, futhi linesimo 'esindlalekile' noma esingumhubhe. Lokhu kwenza obheke ingane ukuba akwazi ukuputshuza ibhodlela ngokwanele ukuze kusizakale ingane ukuba ithole ubisi olufanele.
Idami aliselincane kunalawo wangaphambili, futhi liyabhotshozwa ekugcineni. Ukuvulwa kwezimbobo kwenza ubisi lungageleziuma ingane ingalilumi noma imunca idami. Ngakho ubisi lugeleza kuphela uma ingane izama ukuzincelisa. Kubekwe ukulinganisa phakathi kokuncela kwengane kanye nokuputshuzwa kwebhodlela yilowo obheke ingane.
Cishe wonke amadami akuqala ayalingana ebhodleleni i Mead-Johnson bottle, nakuba kunokwenzeka kuphume amathonsi kwesinye isikhathi ngelinye idami, kodwa lokhu akuyona into enkulu kangako kuphela nje kudingeka ibhibhi.
Idami elide elithambile eliphatha uketshezi olungama-29 ml.
Ivelufu elinomqhewu edamini engabekwa ngendlela yokuthi ukugeleza kobisi kancane noma kakhulu kwehliswe impela ukuthi kungabibikho sanhlobo.
Idami elithambile lingaputshuzwa kancane bese lidedelwa ukuze lisize emizamweni yengane yokuncela.
(Bheka ikhasi 13). Okokuncelisa kuza kuyinhlanganisela, kufaka phakathi ibhodlela, isivalo, idiski, ivalufu kanye nedami.
I-Haberman Feeder yona ayizilungelanga izingane ezinezinkinga zokugwinya, okuyilezo ezinenkinga yokwedlulisa ubisi ukusukela emlonyeni luye emphinjeni.
Idami kumele libanjwe emlonyeni wengane ukuze libe ngaphansi kweshalovu yethambo lomalaka noma lithintane nepuleti lokuncela. Lokhu kwenza ukuba ingane ikwazi ukucindezela ulimi kanye nedami kuthintane nethambo kanti futhi ngokwenza njalo bese ikhipha ubisi. Uma idami libanjwe laqonda emlonyeni wengane, lizocindezeleka enkotheni bese ubisi luya empumulweni lungayi emlonyeni njengoba kudingeka.
Njengoba ingane isenokugwinya umoya omningi ngenkathi incela, kumele iibhodliswe njalo, njalo emva kwemizuzu embalwa. Uma ingane inokucinana, kumele ukuncelisa kumiswe, kumele iqethulelelwe phezu kwedolo lakho bese isiphetho sesandla sakho sincindezela kakhulu phakathu kwamahlombe engane. Bese wesula ubisi olusempumulweni yengane. Uma ingane inokucinana, kumele inceliswe kancane, kanti ubisi akumele lufike ngemuva komphimbo. Idami elinembobo encane, elikhiphela ubisi oluncane emlonyeni ngesikhathi esisodwa, nalkho kungasiza ekugwemeni ukucinana enganeni.
Kungaba uhlelo oluhamba kancane, ngakho kudingekile ukuba umzali abe nokubekezela futhi akhululeke futhi athathe isikhathi esanele ekunceliseni ingane. Ngokuyikho ukuncelisa akumele kuthathe ngaphezulu kwemizuzu engama-30-45 njalo emva kwamahora ama3-4. ingane kumele ngaso sonke isikhathi ihlale iphathwa, ithandwa, iigonwa futhi kukhulunywa nayo. Lesi yisikhathi esibaluleke kakhulu sokusungula ubudlelwane obuyinyanda phakathi komama kanye nengane.
Ukubaluleka kokumunya kuyagcizelelwa, kodwa uma ukuncelisa ngebele noma ngebhodlela kungenampumelelo, noma uma udokotela ohlinza inkothe ephakamisa ukumiswa okwesikhashana kwalezi zindlela ezimbili ngesikhathi ingane isalulama, kungazanywa ezinye izindlela. Lokhu kufaka phakathi ukuncelisa ngenkomishi, isirinji, into ekhipha amathonsi noma ukhezo oluncane.
Ukuncelisa ngenkomishi ngenye indlela ekahle enokusetshenziswa, njengoba iphephile, inempilo, ilula futhi ayibizi futhi ingasetshenziselwa ukuncelisa ubisi lwebele. Sebenzisa inkomishi encane eyiNkomishi Yokuncelisa ingane engama-40ml etholakala kulabo abahambisa imikhiqizo yakwa Medela*. Hlanza ubuye ugeze amagciwane enkomishini bese uthela ubisi olungaba nguhhafu. Beka ingane ethangeni lakho wesekele ikhanda layo. Kokunye kungadingeka ukuba usonge izandla zayo ukuze zingashayisi enkomishini. Sondeza inkomishi ezindebeni ngenkathi ivula umlomo wayo ketula inkomishi. Izobese iphuza ubusi olusenkomishini. Ungatheli ubisi emlonyeni wengane. Vumela ukuba ingane iphumule emva kwamaconsi ambalwa. Izophuza ngokuthatha isikhathi sayo futhi ilawulwe ukungena kobisi emlonyeni. Uma isincele ngokwanele, izovala umlomo bese yenqaba ukuqhubeka nokuphuza. Qaphela ukuthi iphuza kangakanani ngosuku kungabi ukuncelisa kwesikhathi esisodwa.
Isirinji noma okuthela ngamaconsi kungatholakala ekhemisi futhi kungasetshenziselwa ukuchathazela ubisi kancane ngasohlangothini lomhlathi wengane kunokuba luthelwe ngqo emphinjeni. Ukusiza ngokuncelisa ngesirinji, isirinji ingahlanganiswa ne-silicone finger feeder yakwa Medela*. Onakekela ingane angabeka umunwe wakhe omncane ku-silicone finger feeder, bese evumela ukuba ingane ukuba incele emunweni ngenkathi iphampu yesirinji icindezelwa kancane. Le ndlela ingabuye isetshenziswe ekuphuzeni imithi.
Ukuncelisa ubisi ngokhezo kuthatha kancane, kodwa kungasetshenziswa njengendlela ehlukile uma ezinye izindlela sezehlulekile.
Le ndlela isetshenziswa njengesu lokugcina lapho kunceliswa ingane enenkothe yodebe. Leli shubhu lifakwa empumulweni yengane bese liqondiswa kumminzo, ngalokho lidlule emguwnini womoya bese ubisi luthelwa lwehle ngeshubhu. Kuyindlela enobuvila njengoba ingane akunalizamo eyenzayo, nakuba kunjalo kuyindlela ethembekile yokwenza ingane ikhule futhi ikhule nangesisindo. Kunconywa kakhulu ukuba ingane igqugquzelwe ukumunya idami isib. idami I NUK Orthodontic ikakhulukazi ngezikhathi zokuncela. Lokhu kuzokwenza ngcono ukugwengukisacela, okuyinto ebalulekile ekukhuleni kwemihlathi kanye nasekhulumeni. Kuzobuye kufundise ingane ukuthi ngesikhathi imunya isisu sayo siyagcwala! Ngaphezulu kwalokho, ingane kumele ihlaliswe ngendlela efanele lapho inceliswa. Ngokuyikho ukuncelisa ngenaso-gastric kumele kupheliswe ngokushesha.
Nanoma iyiphi indlela yokuncelisa esetshenziswayo, kubalulekile ukugcina zonke izindawo ezizungeze inkothe yodebe zihlanzekile. Emva kokuba ingane isincelisiwe, yinikeze amanzi amancane abilisiwe ase epholiswa ebhodleleni ukuze ehlise ukudla okuningi okusenkotheni. Kokunye kungasetshenziswa into engukotini eswakeme ukuhlanza inkothe. Uma ukudla kuyekwe kwatakelana, kuzohlangana namafinyila akhishiwe emlonyeninasemakhaleni bese kwakha ucwecwe oluqinile, okungabese kudala ukutholawe izifo kule ndawo.
Izwi lokugcina lokugqugquzela: Ngokukhula ngesisindo okwandayo, ingane ingane izokhula futhi ibe namandla, ekugcineni izokwazi ukusebenzisa noma iyiphi idami kanye nebhodlela, noma bese iyoncela ngenkomishi. Akudingekile ukusilelisa emuva ukwephusisa okusuka ebeleni enganeni enenkothe futhi kumele iphathwe njengengane efana nezinye.
Imikhiqizo yakwa-Medela iyatholakala kwezinye izitolo zezingane eziyisipesheli, kumakhemisi ambalwa kanye nakonesi abenza imisebenzi eyisipesheli. Kokunye inga-odwa kulabo abahambisa imikhiqizo ye-Medela: Jane Pitt kule nombolo yocingo +27 11-788-9102/72. Imikhiqizo ingahanjiswa ngeposi ebusuku kulo lonke izwe.
